Ukubuyekeza umthetho olawula iqophelo lomoya ngenhloso yokuvikela, yokuvuselela nokwenza ngcono iqophelo lomoya eNingizimu Afrika, ukwenza konke lokhu ngokubhekela isidingo sentuthuko emileyo; ukuhlinzekela inkambo kazwelonke namazinga alawula ukuqashelwa kwamaqophelo omoya, ukuphatha nokulawula okwenzeka kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni; inkambo yemizamo ethile yamaqophelo omoya; nokubhekela zonke izinto ezithintekayo ngalolu daba.
Kudingeka izindlela zomthetho ezintsha nezinobuchule obusha zokuvikela, zokuvuselela nokwenza ngcono iqophelo lomoya eNingizimu Afrika.
b noma yimuphi umgomo oshaywe ngaphansi kwesigaba -46 noma- 47; kanye c neminye emincane eshaywe ngaphansi kwalo Mthetho.
Kulo Mthetho, igama noma isisho esithathelwe egameni noma kwisisho esichazwe esigatshaneni -1 linencazelo efanayo ngaphandle kokuba indikimba ikhombe ukuthi kuqondwe incazelo ehlukile.
Inhloso yalo Mthetho wukuvikela, ukuvuselela nokwenza ngcono iqophelo lomoya eNingizimu Afrika, kube kubhekelwa isidingo sentuthuko emileyo.
a ngokusebenzisa izinhlaka zikahulumeni eziqhuba lo Mthetho, uhulumeni kufanele avikele, avuselele futhi enze ngcono iqophelo lomoya eNingizimu Afrika; noma b uhulumeni kufanele aqhube umsebenzi walo Mthetho ukuze azuze impumelelo yalawo malungelo.
b kuzo zonke izenzo ezithinta iqophelo lomoya eNingizimu Afrika.
a emkhakheni kahulumeni kazwelonke nasekhaya; kanye b nasemkhakheni kahulumeni wesifundazwe, ngokulandisa kwesigaba- 146 soMthethosisekelo.
b uhunyushwe futhi usetshenziswe ngokuhambisana nenkambiso enqunywe esigabeni- 2 salo Mthetho.
e okuphatha ulwazi lweqophelo lomoya.
d lungachitshiyelwa izikhathi ngezikhathi.
Ngaphambi kokushicilela uhlaka lukazwelonke noma yiluphi uguquko ohlakeni, Ungqongqoshe kufanele alandele inqubo yokubonisana ehambisana nezigaba- 49 ne- 50.
Isigatshana -4 asidingi ukusetshenziswa lapho kunoguquko oluncane ohlakeni.
i eqophelo lomoya wemvelo, kuhlangene nenani elamukelekile noma amanembe alezo zici noma ingxube yazo etholakala emkhathini; noma ii esisi esikhiqizelwa emoyeni lapho kwazeka khona umsuka waso noma kwisimo lapho umsuka ungaqondakali khona.
maqondana nomsebenzi oqhutshwa ngomasipala mayelana nokulandela lo Mthetho.
v ukuhambisana nezibophezelo zaseNingizimu Afrika ngokulandisa kwezivumelwane zomhlaba jikelele.
i neqophelo lomoya wemvelo, kuhlangene nenani elamukelekile noma amangcozu ayingxenye yezici noma ingxube yezici etholakala emoyeni; noma ii izici ezikhiqizelwa emoyeni ezisuka endaweni eyaziwayo noma engaziwa esifundazweni noma kunoma iyiphi indawo ngaphakathi kwesifundazwe..
Uma amazinga kazwelonke esebunjiwe ngokulandisa kwesigaba- 7 sesici esithile noma ingxube yezici, uNgqongqoshe wesiFundazwe ongamele lo mnyango ngeke akwazi ukuguqula lelo zinga likazwelonke ngaphandle kokusungula amazinga aqine kakhulu aleso sifundazwe noma indawo ethile eyakhele isifundazwe.
Ngokwalesi sigaba, isaziso singadweba umehluko phakathi kwezindawo ezehlukene ezakhele isifundazwe.
Ngaphambi kokushicilela isaziso ngaphansi kwalesi sigaba, noma yisiphi isichibiyelo esenziwe esazisweni, uNgqongqoshe wesiFundazwe kufanele alandele inqubo yokubonisana ngaso ngokuhambisana nezigaba zama-49 na 50.
Isigatshana- 4 asidingi ukusetshenziswa ezinguqukweni ezincane zesaziso.
b angasungula amazinga asekhaya aqondene nemikhiqizo yesisi esuka endaweni eyaziwayo noma engaziwa kumasipala, ngesici ngasinye noma ngengxube yazo.
Uma amazinga kazwelonke noma esifundazwe esungulwe ngaphansi kwesigaba- 7 noma -9 ngesici esithile noma ngengxube yezici, umasipala ngeke akwazi ukuguqula lawo mazinga kazwelonke noma esifundazwe ngaphandle kokusungula amazinga aqine kakhulu omasipala.
Ngaphambi kokuba umasipala ammise umthetho wangaphakathi kumasipala ophawulwe esigatshaneni 1, kufanele alandele inqubo yokubonisana ehambisana neSahluko 4 soMthetho Wezinhlelo zoMasipala.
a okuyokalwa ngayo iqophelo lomoya ozungezile, b okuyokalwa ngayo isisi esikhiqizwe yindawo ngayinye eqondakalayo noma engaqondakali.
Ngesaziso kwiGazethe, Ungqongqoshe angasungula Ikomidi likaZwelonke Lokweluleka Ngeqophelo Lomoya eliyoluleka Ungqongqoshe ngokusebenza kwalo Mthetho..
e noma yiluphi udaba oluphathelene neKomidi.
Ungqongqoshe kufanele akhethe isiphathimandla eMnyangweni esiyoba yisisebenzi sikazwelonke seqophelo lomoya lapho siyoxhumanisa khona izindaba eziqondene nokuphatha iqophelo lomoya kuhulumeni kazwelonke.
Ungqongqoshe wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni kufanele akhethe isiphathimandla emkhandlwini wesifundazwe esiyoqhuba umsebenzi weqophelo lomoya nesiyoxhumanisa izindaba eziqondene neqophelo lomoya esifundazweni.
Umasipala ngamunye kufanele ukhethe ngaphakathi isiphathimandla seqophelo lomoya esiyoqhuba umsebenzi wokuxhumanisa izindaba eziqondene nokusingatha iqophelo lomoya kumasipala.
Isiphathimandla seqophelo lomoya kufanele siqhube imisebenzi noma sisebenzise amandla agidlabezwe sona ngaphansi kwalo Mthetho.
Isiphathimandla seqophelo lomoya singedlulisa amandla noma umsebenzi ophawulwe esigatshaneni 4 aye kumuntu osebenza ehhovisi laleso siphathimandla, kuphela ngaphansi kwemibandela nezimo ezinqunywe nguNgqongqoshe, ngokulandela isigaba- 46.
Iziphathimandla zeqophelo lomoya kufanele zixhumanise imisebenzi yazo ngendlela enganqunywa wuhlaka lukazwelonke noma nguNgqongqoshe ngomthetho ohambisana nesigaba- 46.
Umnyango ngamunye kazwelonke noma nesifundazwe esinesibophezelo sokulungisa isu lokusebenza komthetho noma isu lokuphatha imvelo ngokulandisa kweSahluko- 3 soMthetho kaZwelonke Wokuphatha Ezemvelo kufanele ufake njengengxenye yesu, iqhinga lokuphatha iqophelo lomoya.
Eqhingeni Lentuthuko Edidiyele elihlonzwe ngaphansi kwesigaba -25 soMthetho Wezinhlaka zoMasipala, umasipala ngamunye kufanele uxube isu lokusingatha iqophelo lomoya.
c lihambisane nanoma yimuphi omunye umbandela ongase unqunywe nguNgqongqoshe ngomthetho ongaphansi kwesigaba -46.
d Imisebenzi yokuqapha iqophelo lomoya.
b indawo idinga isenzo esithile sokuphatha iqophelo lomoya ukulungisa isimo esikhona.
b indawo yenabela ngaphesheya komngcele wesinye isifundazwe; noma c indawo iwela ngaphansi kwesifundazwe lapho leso sifundazwe sicele khona uNgqongqoshe ukuba adalule leyo ndawo njengekleliswe phambili.
Ngokwesigatshana 1, uNgqongqoshe wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni angadalula indawo esesifundazweni njengendawo ekleliswe phambili. UNgqongqoshe wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya ezifundazweni ezimbili noma ngaphezulu ezencikene anganquma ngesikhathi esisodwa ukudalula indawo engaphansi kwalezo zifundazwe njengezindawo ezikleliswe phambili.
Ngaphambi kokushicilela isaziso ngaphansi kwesigatshana -1, uNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe kufanele alandela inqubo yokubonisana ehambisana nezigaba- 49 ne- 50.
Ukunqunywa kwendawo njengekleliswe phambili kufanele kudwetshwe uma indawo ihambisana namazinga eqophelo lomoya endaweni.
a silungise isu lokuphatha laleyo ndawo mayelana neqophelo lomoya ngemuva kokubonisana neziphathimandla zamaqophelo omoya ezifundazweni ezithintekayo nomasipala b zingakapheli izinyanga eziyisithupha idaluliwe indawo noma singakapheli isikhathi esivunywe nguNgqongqoshe, sethule isu kuNgqongqoshe ukuze ligunyazwe.
b zingakapheli izinyanga eziyisithupha leyo ndawo idaluliwe noma singakapheli isikhathi esinganqunywa nguNgqongqoshe wesiFundazwe, ethule isu kuNgqongqoshe ukuze ligunyazwe.
Ngaphambi kokugunyaza isu leqophelo lomoya lendawo ekleliswe phambili, uNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe angafunda ukuba isiphathimandla seqophelo lomoya sichibiyele isu singakapheli isikhathi esinqunywe nguNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe.
uNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe kufanele ashicilele isu kwiGazethe zingakapheli izinsuku ezingu- 90 ligunyaziwe isu. Isu eligunyaziwe liqala ukusebenza ngosuku elishicilelwe ngalo.
Isu lokuphatha iqophelo lomoya endaweni ekleliswe phambili liphelelwa yisikhathi uma isinqumo sokuklelisa indawo sihoxiswa ngaphansi kwesigaba- 17 5.
d ukubuyekeza ngezikhawu ezithile lawo masu.
ngokwenza izinguquko ezithile emininingwaneni yohlu.
Uhlu olushicilelwe nguNgqongqoshe kaZwelonke lusebenza ezweni lonke kanti uhlu olushicilelwe nguNgqongqoshe wesiFundazwe lubusa kuphela esifundazweni.
Ngaphambi kokushicilela isaziso ngokulandisa kwesigatshana- 1, noma yisiphi isichibiyelo esazisweni, Ungqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe kufanele alandele inqubo yokubonisana ehambisana nezigaba -49 ne 50. Lesi sigatshana asidingi ukusetshenziswa oguqukweni oluncane lwesaziso.
b singaqukatha amalungiselelo esikhashana nalawo ahlukile mayelana nezenzo eziqhutshwa ngesikhathi zifakwa ohlwini.
b ongaqala umsebenzi wokwakha inqalasizinda yokuqhuba isenzo esisohlwini.
Uma isitsha noma umshini othile osebenza ngogesi noma isenzo siholela emkhiqizweni wesisi onezinhlayiya noma ingxube yazo, ubuthi obudaleka elabholethi noma yini echithekayo enobungozi noma engaletha ubungozi empilweni noma kwimvelo, uNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya angadalula esazisweni seGazethe lowo mshini noma isenzo kuleso sigaba esithintekayo njengesikhiqizi-sisi esilawulwayo.
noma yiziphi izinyathelo zokuhlaziya ubungozi; kanye iv nezibophezelo zeNingizimu Afrika ngezivumelwane ezikhona ezisezingeni lomhlaba.
Isigatshana- 2 asidingi ukusetshenziswa ezinguqukweni ezincane zesaziso.
Ungqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe kufanele ammise amazinga okukhiqiza isisi anoma yimuphi umshini okhiqizayo noma isenzo esidalulwe njengesikhiqizi-sisi ngokulandisa kwesigaba -22.
b ingxube yalokho okwakha isikhiqizi-sisi esiphawulwe njengento enukubeza umoya.
Ngokubhalisa ngaphansi kwesigaba- 46, uNgqongqoshe kufanele anqume indlela okufanele isisi esikhiqizelwa emoyeni sikalwe ngayo noma kuqhutshwe ngayo lolu hlelo lokukala.
b angafuna labo bantu abawela esigabeni esichazwe esazisweni ukuba balungise futhi balandele amasu okunqanda ukunukubezeka kwemvelo maqondana nesici noma isikhiqizi-sisi esidalulwe sakleliswe phambili ngokulandisa kwesigaba a.
Ngesaziso esibhaliwe nangegunya lesigaba- 20 esibandakanya isici noma umkhiqizo odalulwe njengokleliswe phambili , isiphathimandla seqophelo lomoya singafuna lowo muntu othintekayo ukuba alungise futhi aqhube isu lokunqanda ukunukubezeka kwemvelo, akukhathalekile ukuthi lowo muntu uwela esigabeni esichazwe ngaphansi kwesigatshana- 1 b.
Amasu okunqanda ukunukubezeka kwemvelo kufanele ahambisane nezidingo ezingase zichazwe nguNgqongqoshe ngomthetho obekwe esigabeni- 46.
g noma yiluphi udaba oluphathelene nemvelo.
Isiphathimandla seqophelo lomoya singasungula uhlelo lokuhlonipha umphakathi ngegalelo elibonakalayo lokunqanda ukunukubeza imvelo endaweni.
Ungqongqoshe kaZwelonke nowesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya angashaya umthetho ngaphansi kwezigaba -46 no- 47, lapho enganquma khona izinyathelo zokulawula umsindo nokuzamazama.
b amaqophelo aphezulu omsindo nokuzamazama.
Ongumnini noma ohlala egcekeni lapho kwenziwa khona okuthile akavunyelwe ukudala noma ukuvumela umkhiqizo ophazamisayo nonukayo.
Omasipala bamadolobha nezifunda bajutshwe ukuqhuba uhlelo lokukhipha izimvume zokukhiqiza isisi emkhathini oluphawulwe kwiNgxenye- 2 yeSahluko- 4 futhi ngokwale nhloso, kufanele yenze imisebenzi yomkhandlu wokukhipha imvume njengoba ibekiwe kulesi Sahluko.
Umuntu angafaka isicelo semvume yokukhiqiza isisi ngokwethula isicelo emkhandlwini wemvume endaweni lapho isenzo esisohlwini sikhona noma siyoqhutshwa khona, isicelo siyobhalwa kwifomu enqunywe ngumkhandlu wokukhipha imvume ngokuhambisana nemithetho yangaphakathi kumasipala.
b nezinye izincwadi nolwazi oluyonqunywa ngumkhandlu wokukhipha imvume ngokuhambisana nemithetho yangaphakathi kumasipala.
d unganika ofake isicelo ithuba lokummelwa kunoma yimuphi umbiko ongemuhle noma ekuchithweni kwesicelo.
Isigaba -24 soMthetho kaZwelonke Wokusingatha Ezemvelo usebenza kuzo zonke izicelo zemvume yokukhiqiza isisi emoyeni kanti ofake isicelo nomkhandlu okhipha imvume kufanele bahambisane nemibandela yaleso sigaba.
Ofake isicelo kufanele athathe izinyathelo ezifanele zokwazisa zonke izinhlaka ezifanele zikahulumeni, abantu abanentshisekelo kanye nomphakathi ngesicelo sakhe.
siqukathe eminye imininingwane engadingwa ngumkhandlu wemvume.
f noma yimiphi imihlahlandlela ekhishwe nguNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni maqondana negalelo lemikhandlu ekhipha izimvume ngemisebenzi yayo.
a ungakhipha isicelo; noma b wenqabe isicelo.
f namazinga eqophelo lomoya noma umkhiqizo wesisi onqunywe ngaphansi kwalo Mthetho.
c unike izizathu ezibhaliwe ngesinqumo noma wazise umphakathi ngezizathu, lapho ucelwa yilowo ophawulwe endimeni a noma b.
Lapho isicelo semvume yokukhiqiza isisi siphumelele ngokwesigaba- 33 (a), umkhandlu wemvume kufanele ukhiphe imvume yesikhashana yokukhiqiza isisi ukuze kuqhutshekwe nokufaka noma ukuqalisa isenzo esibhalwe ohlwini.
b ezingase zinqunywe nguNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni esithintekayo ngaphansi kwemigomo yesigaba- 46 no- 47 wezenzo ezisohlwini nokuphawulwe ngazo.
Umninimvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emoyeni unelungelo lemvume yokukhiqiza isisi uma isikhungo esigunyaziwe sihambisana ngokugcwele nezimo nemibandela yemvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emoyeni.
c ezingase zinqunywe nguNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni esithintekayo ngaphansi kwemigomo yesigaba- 46 ne- 47 wezenzo ezisohlwini nokuphawulwa ngazo lapha.
g eminye imibandela ebalulekile ukuvikela iqophelo lomoya.
noma yiziphi izinyathelo ezithathiwe noma ezizothathwa ukunqanda isimo sokuphindeka kwalokho kwehluleka noma amalinge okunciphisa umthelela wokwehluleka.
Imvume yokukhiqiza isisi emoyeni ingedluliselwa komunye umuntu ngumnikazi wayo, ngokuthola imvume yomkhandlu okhipha izimvume.
Umuntu angafaka isicelo semvume yokwedlulisa imvume yomkhiqizo wesisi emoyeni ngokwethula isicelo sakhe kwifomu enqunywe ngumkhandlu ngokuhambisana nemithetho yangaphakathi. Leso sicelo siyokwenziwa emkhandlwini kuleyo ndawo lapho kuqhutshwa khona isenzo esisohlwini.
b yizincwadi noma imibhalo nolwazi olunganqunywa ngumkhandlu wemvume, ngokuhambisana nemithetho yangaphakathi esikhungweni.
Uma ucubungula isicelo semvume yomkhiqizo wesisi emoyeni, umkhandlu wemvume kufanele ubhekele zonke izinhlangothi zodaba, kuhlangene nokuthi umuntu okudluliselwa kuye imvume ukulungele futhi ufanele yini njengoba umhlahlandlela wesigaba- 42 ubika.
d ngesicelo esibhaliwe somnikazi wemvume.
c ukususa isimo noma umbandela; noma d ukuchibiyela isimo noma umbandela.
Imvume ingaguqulwa noma yinini, inqobo uma ingakaphelelwa yisikhathi, kuxuba nalapho idluliselwa komunye umuntu.
b uguquko okuhlongozwayo lungazange lugunyazwe ngaphansi kwanoma yimuphi omunye umthetho nokubonisana nomphakathi, nganoma yisiphi isizathu.
d masiqukathe neminye imininingwane engase idingwe ngumkhandlu wemvume.
Umkhandlu okhipha izimvume kufanele ubuyekeze imvume yomkhiqizo wesisi ngezikhawu ezithile ezimisiwe.
Ngesicelo esifakwe ngumninimvume, imvume yokukhiqiza isisi emoyeni ingavuselelwa ngumkhandlu wemvume.
Ngaphambi kokuphela kwesikhathi semvume yokukhiqiza isisi, umnini wemvume engafaka isicelo sokuyivuselela emkhandlwini wezimvume kuleyo ndawo lapho kuqhutshwa khona isenzo esisohlwini, uyogcwalisa isicelo kwifomu ethile yezicelo enqunywe ngumkhandlu nehambisana nemithetho yangaphakathi.
b yizincwadi noma imibhalo nolwazi olunganqunywa wumkhandlu wemvume ngokulandisa kwemithetho yangaphakathi.
Umnikazi wemvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emoyeni akufanele avuselele imvume yesikhashana iziwombe ezevile kwesisodwa.
Izigaba sama-31, 33 nama- 36, zifundwa nezinguquko ezifunwa yindikimba, zisebenza esicelweni sokuvuselela imvume.
Isiphathimandla seqophelo lomoya singadinga umnini wemvume yokukhiqiza isisi ukuba aqoke isisebenzi esilawula ukukhiqizwa kwesisi, kuye ngobukhulu nohlobo lwesenzo esisohlwini nesikhishelwe imvume.
b senze ngakho konke okusemandleni aso ukuhambisana nezimo kanye nemibandela yemvume.
Ngaphansi kwalesi sigaba, akukho okuthambisa izibophezelo nokulindelwe kumnikazi wemvume mayelana nokulandela izimo nemibandela yemvume.
c ukuhlola ukuthi esikhathini esiphambili noma njengamanje umuntu akayena umqondisi noma umphathi wenkampani noma ibhizinisi elithintwa yindima- a no b ; noma d ukuhlola ukuthi ukusingathwa kwesenzo esisohlwini esifakelwe isicelo siyoba sezandleni zomuntu onobuchwepheshe obufanele noma ngeke kube njalo.
a ekunukubezeni umoya okweqa umngcele wezwe; noma ekunukubezeni umoya okuphambene noma okungenzeka kuphambane nesivumelwane esisezingeni lomhlaba esibophezela iNingizimu Afrika mayelana nokunqanda, ukulawula noma ukulungisa isimo sokunukutshezwa komoya okuwumphumela wesici esithile noma izici ezichithwe emoyeni zisuka esikhungweni esithile.
Uma kwenzeka ngemuva kophenya Ungqongqoshe enombono wokuthi ukukhiqizwa kwesici esithile emoyeni okudabuka eNingizimu Afrika kunomthelela omkhulu eqophelweni lomoya, kwimvelo noma empilweni yabantu ezweni elingumakhelwane neNingizimu Afrika, ngokulandisa kwesigaba-46, uNgqongqoshe anganquma imigomo ehlose ukunqanda, ukulawula noma ukulungisa isimo somkhiqizo ngaphakathi ezweni laseNingizimu.
noNgqongqoshe wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni esithintekayo.
e nezimo, inqubo yesivivinyo nemikhuba yaselabholethi okummele ilandelwe ekuthatheni ingxenyana eyisibonelo seqoqo lento, ukuhlaziya, uhlola, ukalwa noma ukulandelela ingxube yezici zomkhiqizo.
Ngegama lelunga elimmele izindaba zangaphandle, uNgqongqoshe angeluleka uhulumeni welinye izwe elithintekayo noma elihlomulayo ngalokho okuqaguliwe, ngesaziso noma ngomgomo ngaphambi kokuba ushicilelwe.
e ephambana noma ehluleka ukuhambisana nesimo anikwe ngaso igunya lokushwelezelwa ekuhambisaneni nombandela othile walo Mthetho, ngokulandisa kwesigaba- 51.
Umuntu osebenza ngesikhiqizi-sisi esilawulwayo uyoba necala lokwephula umthetho uma abakhiqizi-sisi abachaziwe beqe izinga elithile elimisiwe lengxube yaleyo mikhiqizo yesisi evela esikhungweni sabo esilawulwayo.
Umuntu osebenza ngesenzo esisohlwini uyoba necala lokwephula umthetho uma abakhiqizi-sisi abachaziwe beqe izinga elithile elimiswe kwimvume yokukhiqiza isisi nokuwumkhiqizo odalwa yisenzo esibhalisiwe.
Umuntu otholwe enecala lokwephula umthetho ophawulwe ngaphansi kwesigaba -44 engahlawuliswa noma abhadle ejele isikhathi esingevile eminyakeni eyishumi noma athole isijeziso sakho kokubili.
ubukhulu begalelo ekunukubezeni jikelele ngaphansi kwezimo ezijwayelekile okwenziwe yilowo otholwe enecala.
k nokugwema noma nokunciphisa imithelela eyingozi eqophelweni lomoya ezenzweni ezingalawulwa ngaphansi kwalo Mthetho; noma l olunye udaba olubalulekile ukuqhuba lo Mthetho.
Ungqongqoshe wesiFundazwe angashaya imigomo engashayisani nalo Mthetho mayelana nodaba oluqulwe esigabeni- 46 (c) kuya ku- (n).
d ididiyele ngokuhlela ngenqubo yokuziphatha noma ngamazinga kazwelonke noma ezinga lomhlaba mayelana neqophelo lomoya.
c ngakho kokubili, inhlawulo nokuboshwa.
Ngaphambi kokushicilela noma yimuphi umgomo ngaphansi kwesigaba- 46 na- 47, noma esinye isichibiyelo emigomweni, uNgqongqoshe noma uNgqongqoshe wesiFundazwe kufanele alandele inqubo yokubonisana ehambisana nezigaba sama- 49 ne- 50.
Isigatshana 3 asidingi ukusetshenziswa ezinguqukweni ezincane zomgomo.
Ngaphambi kokusebenzisa amandla agunyazwe ngaphansi kwemibandela yalo Mthetho nokufanele asetshenziswe ngokuhambisana nalesi sigaba kanjalo nesigaba- 50, uNgqongqoshe noma uNgqongqoshe wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni kufanele alandele inqubo yokubonisana efanele isimo esikhona.
c avumele iqhaza lomphakathi kwinqubo ngokulandela isigaba- 50.
c avumele iqhaza lomphakathi kwinqubo ngokuhambisana nesigaba- 50.
c nasephephandabeni okungenani elilodwa elidayiswa ezweni lonke, uma ukusebenzisa amandla kuthinta indawo ethile kuphela, okungenani sikhishwe ephephandabeni elilodwa elidayisa kuleyo ndawo.
b siqukathe ulwazi olwenele ukunika amalunga omphakathi ithuba elenele lokwethula iziphakamiso nokuphikisana nesinqumo.
Uma sifanele isimo, uNgqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe engavumela umuntu noma umphakathi ukuba wethule iziphakamiso noma impikiswano ngomlomo kuNgqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe, noma kulowo ojutshwe nguNgqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe.
Ungqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe kufanele acubungule kahle zonke iziphakamiso zokuvuma noma zokuphikisa ezitholiwe noma ezethuliwe ngaphambi kokusebenzisa la mandla.
Ngesicelo esibhaliwe, noma yimuphi umuntu noma uhlaka lukahulumeni lungafaka isicelo sokuxolelwa emibandeleni yalo mthetho kuNgqongqoshe kazwelonke.
c engasenqaba isicelo.
a engahoxisa noma yiliphi igunya lokuxolelwa wumthetho okukhishwe ngaphansi kwalesi sigaba uma kungahanjiswana nombandela okukhishwe ngaphansi kwawo igunya lokuxolelwa; noma d engabuyekeza izikhathi ngezikhathi igunya lokushwelezelwa noma umbandela okukhishwe ngaphansi kwawo igunya lokuxolelwa.
Umthetho Onqanda Ukunukutshezwa Komoya uyashintshwa lapha.
Noma yini eyenziwe noma ethathwa njengaleyo eyenziwe ngaphansi kombandela othathelwe indawo yisigatshana- 1 nengase yenziwe ngaphansi kombandela walo Mthetho, kufanele ithathwe njengeyenziwe ngaphansi kwalo Mthetho.
Ngesikhathi sokuqala kwalo Mthetho, zonke izitifiketi zokubhalisa ezikhishwe maqondana nenqubo eqagulwe kwiSheduli ye- 2 yoMthetho Onqanda Ukunukutshezwa Komoya kufanele uthathwe njengemvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emoyeni ngaphansi kwalo Mthetho, isikhathi esiyiminyaka emibili kusukela ekuqaleni kwalo Mthetho.
Isiphathimandla sikazwelonke seqophelo lomoya kufanele sikhiphe isiqiniseko esibhaliwe kubanini balezo zitifiketi zokubhalisa ngezinguquko zesimo segunya labo ngokukhiqiza isisi, lokhu kummele kwenziwe zingakapheli izinsuku ezingama-90 ngemuva kokuqala kwalo Mthetho.
Abanini-siqiniseko esibhaliwe nesichazwe esigatshaneni-2 kufanele bafake isicelo semvume yokukhiqizi isisi ungakapheli unyaka ngemuva kokuqala kwalo Mthetho.
Ukwehluleka ukufaka isicelo esifanele singakapheli isikhathi esihlinzekwe ngaphansi kwesigatshana-3 kuyoholela ekuthathweni kwemvume yesikhashana yokukhiqiza isisi okuqondiswe kuyo esigatshaneni-1 njengento eyize nengasebenzi.
Umnini wemvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emoyeni ophawulwe esigatshaneni 1, unelungelo lemvume yokukhiqiza isisi uma isikhungo esikhishelwe imvume sihambisana ngokugcwele nemibandela yemvume yesikhashana yomkhiqizo wesisi emoyeni.
Ngaphandle-nje kwesigatshana-5, umkhandlu wezimvume ungafuna ukubuyekeza imvume yokukhiqiza isisi emoyeni esilawulwa yisigaba-39 noma uguquko oluhlinzekwe yisigaba-38 ngaphambi kokukhipha imvume yokukhiqiza isisi ehlonzwe esigatshaneni sesi-5.
Kusalindwe ukuba kuqagulwe izenzo ezisohlwini ezihlonzwe ngaphansi kwesigaba-20, inqubo etholwe kwiSheduli-2 yoMthetho Onqanda Ukunukutshezwa Komoya kufanele ithathwe njengezenzo ezisohlwini.
Kusalindwe ukunqunywa kwamazinga okuqondiswe kuwo esigabeni-6, imihlahlandlela yeqophelo lomoya wemvelo equkethwe nguMthetho Onqanda Ukunukutshezwa Komoya iyoqhubeka isebenze.
Lo Mthetho ubizwa; Ukuphathwa Kwemvelo kuZwelonke: Umthetho Weqophelo Lomoya we- 2003, uyoqala ukusebenza ngosuku oluyonqunywa nguNgqongqoshe ngesaziso seGazethe.
